Monday, March 1, 2010

Unika uNkulunkulu yedwa udumo (Soli Deo Gloria)

Mhlawumbe useke wasizwa lesisisho phambilini. Mina ngiseke ngasizwa kodwa sengikhohlwe incazelo yaso yangempela. Uma ngibheka encwadini ye-Zenzo 3, lapho uPetru noJohane bephilisa indoda eyisishosha eyayihleli ngasemnnyango wethempeli othiwa omuHle; impendulo yendoda ngesikhathi nibonga ithi “ Ukunika uNkulunkulu yeda udumo.” Kutshengisa injabulo ngesimangaliso “egxuma, wema wahamba,” Efuna ukunika uNkulunkulu udumo ngalesisimangaliso esenzekile kuyena.

Abaqophi u Johann Sebastian Bach kanye no George Handel babejwayele ukubhala lamagama (SDG – Ukunika uNkulunkulu yedwa udumo) ekugcineni kweziqephu zabo. Into eyabafikela ngokushesha sebeqede iziqephu zabo ukuthi fanele banike uNkulunkulu udumo. Singakwazi ukufunda esidimeni sabo. Kuyahalisa ukuba siphile izimpilo zethu siphilela abanye abantu, kodwa ekugcineni umuntu ekudingeka simphilele nokuba sifune kuye ukuphila uNkulunkulu. Uvo lwakhe yilona lodwa olubalulekile.

Uma uNkulunkulu ekukhetha ukuba akusebenzisele into eqinile kulelisonto ungakhohlwa yilesisho (SDG – Ukunika uNkulunkulu yedwa udumo). Udumo kuNkulunkulu kuphela. Sengathi ungabusiseka.