
Ngibonga uNkulunkulu ngezwi lakhe. Amazwi ami namhlanje ekuseni avela ezwini lika Johane1:16, eqinisweni bengingalindele simanga kulelizwi – iphutha elingaka.
“Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.”
Icabangisise kahle lento, asenze isibonelo – Uhlezi lapha kwi-restaurant ukhetha isemishi elitoastiwe elinochwephe la-cheese, ungaphatheki kabi uma uweta ekudlula elethela mina elami isemishi elichonsisa amathe lafakwa iqanda, u-cheese, iburger namakhowe phakathi!
Yebo uNkulunkulu ufuna ukusibusisa kakhulu ngomusa ngalendlela yokuthi akaneliseki ukusinika isemishi elino-cheese kuphela . ANGEKE –sithola isinkwa esinesishebo esiningi (UMUSA) ngalendlela yokuthi awukwazi ngisho ukusiluma ubukhulu baso – lokho yikho kanye okwenza ufune ukudumisa uNkulunkulu ngenjabulo, angithi!
Noma yini obhekene nayo namhlanje, uhlale wazi ukuthi uNkulunkulu usibekele umusa ongangesemishi elinesishebo esiningi, elingadleki noma ungazama kangakanani.
Sengathi ungabusiseka “UMUSA PHEZU KOMUSA.”
Umusa phezu komusa